I-ChatGPT [lower-alpha 1] iyisiqavithi sohlakahlisombulu esithuthukiswe yi-OpenAI esanyakulwa ngoLwezi wezi-2022. Yakhelwe phezu kwamahlelokusebenza we-OpenAI womndeni we-GPT-3 wezinongo zolimi ezinkulu futhi yalungiswa-ngobunomfiya kusetshenziswa ubunyoninco bokufunda okuqondiswayo nokufunda okufakelelwayo.
I-ChatGPT yanyakulwa njengonyanyali mhla zingama-30 kuLwezi 2022, futhi yathola ukunakwa ngokushesha ngenxa yezimpendulo zayo eziningiliziwe neziqephuzayo kuzo zonke izidlangala zolwazi. Kodwa ukunemba kwesiminya sayo okumaqokolo, kuye kwahlonzwa njengengqinamba ephawulekayo. Emva kokukhululwa kwe-ChatGPT, ukubalwa kwemali ye-OpenAI kwakuhamba kwizigidgidi ezingama-29 ngowezi-2023.
Unongo olusha lakwa-OpenAI olubizwa GPT-4, lwakhululwa mhla zili-14 kuNdasa 2023, futhi seluyatholakala kubasebenzisi be- ChatGPT Plus.
I-ChatGPT iyilungu lomndeni wezinongo zolimi lwesiGwebuzi esesiQeqeshiwe esiPhehlayo (generative pre-trained transformer GPT). Yalolongwa kahle (okuyindlela yokufunda okudluliswayo) kuhlobo oluphuculiwe lakwa-OpenAI lwe-GPT-3 olwaziwa ngokuthi "GPT 3.5". Inqubo yokulolongaa kahle yasebenzisa kokubili ukufunda okuqondisiwe kanye nokufunda okugcizilelwe (reinforcement learning) kumdludlungu obizwa ukufunda okugcizilelwe kumbuyiswa womuntu (reinforcement learning from human feedback RLHF). Zombili lezindlela zazisebenzisa abaqeqeshi abangabantu ukuze ziphucule ukusebenza konongo. Ekufundeni okuqondiswayo, unongo lwahlinzekwa ngezingxoxo lapho abaqeqeshi babe nhlangothi zombili: bengabasebenzisi kanye nabalekeleli bohlakahlisombulu. Ekufundeni okugcizilelwe, abaqeqeshi abangabantu baqala ngokufaka kuqhiwu izimpendulo zonongo zezingxoxo ezidlule. Lolu qhiwu lwasetshenziswa ekudaleni "izinongo zokuhlumulisa" lezo ezasiza ekulolongeni kahle unongo kusetshenziswa lokho okubizwa (Proximal Policy Optimization PPO).
Like those tools, ChatGPT — which stands for "generative pre-trained transformer" — landed with a splash.Unknown parameter
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help); URL–wikilink conflict (help)
Cite error: <ref>
tags exist for a group named "lower-alpha", but no corresponding <references group="lower-alpha"/>
tag was found