UkuCandulula isenzo sokugununda amasu umphumela waso okuba ukungeniswa kwezimpahla noma izinkonzo ezintsha noma ukuthuthukiswa kokunikezwa kwezimpahla noma izinkonzo. I-ISO TC 279 kundinganiso-ISO 56000:2020 ichasisa ucandululo ngokuthi “yinto entsha noma eguquliwe efezekisa noma esabalalisa kabusha ukuba igugu”. Abanye banezincasiselo ezahlukene; isici esivamile ezincasiselweni ukugxila ebusheni, ekuthuthukisweni, nasekusabalaleni kwamasu noma ubuchwepheshe.
Izincasiselo zakudala zocandululo zihlanganisa lezi:
Ucandululo imvama lwenzeka ngokuthuthukiswa kwemikhiqizo eshaya khona, izinqubo, izinkonzo, ezobuchwepheshe, imisebenzi yobuciko noma unongo lwesihwebi okuyizinto abacandululi abazenza zitholakale ezindayini, kohulumeni nasemphakathini. Ucandululo luhlobene, kodwa alufane nokuqamba: ucandululo luthambekele ekubandakanyeni ukugunundwa okusebenzayo kokuqamba (okusho. ikhono elithuthukisiwe) ukuze kube khona umthelela onenhloso endayini noma emphakathini, futhi akuzona zonke izinto ezicandululwayo ezidinga ukuqamba okusha.
Ucandululo lobuchwepheshe imvama luziveza ngenqubo yomngcikisho lapho inkinga exazululwayo kungeyesimo sobuchwepheshe noma inzululwazi. Inqubo ephambene nocandululo ibizwa ngokuthi exnovation.
Izinhlolovo zezincwadi ezimayelana nocandululo ziye zathola ukuthi kunezincasiselo ezihlukene. Ngowezi-2009, uBaregheh nabanye , bathola izincasiselo ezingaba ngama-60 emaphepheni ahlukene wezenzululwazi, kuyilapho inhlolovo yowezi-2014 yona yathola izincasiselo ezingaphezu kwama-40. Ngokusekwe kwinhlolovo yabo, uBaregheh nabanye, bazama ukuchasisa incasiselo yoqeqeshoningi futhi nansi incasiselo abafinyelela kuyo:
"UCandululo lungumdludlungu onezigaba eziningi lapho izinhlangano ziguqula amasu kube imikhiqizo, inkonzo noma izinqubo ezintsha/eziphuculiwe, ukuze zithuthuke, zincintisane futhi zizihlukanise ngokuphumelelayo endayini."
Kwinhlolovo yeziMboni yokuthi ihlelokusebenza lemboni lichasisa ucandululo kanjani, kwacubungulwa lencasiselo elandelayo eyanikwa ngu-Crossan no-Apaydin, eyakhela phezu kwincasiselo yenhlangano yokubambisana nentuthuko kwezomnotho (Organisation for Economic Co-operation and Development (OECD): Template:Blockquote
Usonhlaloyabantu waseMelika u-Everett Rogers, yena waluchasisa kanje:
"Isu, isenzo, noma into eshwaywa njengentsha ngumuntu ngamunye noma olunye uhlaka lokuyamukela"
Ngokuka-Alan Altshuler beno-Robert D. Behn, ucandululo luhlanganisa ukuqamba okungokwendabuko kanye nokusetshenziswa ngobunomfiya futhi bachasisa ucandululo njengokuphehla, ukwamukela ngokuqaphela amasu, imikhiqizo, izinkonzo, nemidludlungu emisha.